ubabawothando.com

Siyakwamukela kuBabawothando! Siyajabula ukuthi uthe ukuthatha isikhathi wangena ngalana. Kulewebhusayithi siyabelana nawe ngokuningi okumaqondana nesimilo sikaNkulunkulu wethu onothando nomusa   – kanti njengoba ufunda, uzoqonda ukuthi kungani sinesiqiniseko esigcwele ukuba nembala unguNkulunkulu wothando.

Kuningi okungaqondwa ngesimilo sikaNkulunkulu  – ngisho namaKhrestu azibophezele enkolweni yamaKrestu uqobolwawo! USathane sekenze konke okusemandleni akhe (ezikhathini eziningi sekezewaphumelela) ekwenzen ukuthi abantu bekholwe ukuba uNkulunkulu unezici nezimpawu zakhe(uSathane)  – ezzokuthukuthela, ukuziphindisela, kanye nokubulala – kunokuthi bekholwe ukuba unezici asitshela zona mathupha eBhayibhelini: ezinje ngothando, ukubekezela, nokuzakade umsindo.

Kodwa usungabuza ukuthi "sithini ngazo zonke izindatshana esizithola eTestamendeni elidala lapho uNkulunkulu ebulala nokuyala ukubulawa kwabanye?"  Nathi sesike sabuza imibuzo efanayo  – ngoba uNkulunkulu onjalo akahambisani nhlobo noNkulunkulu ovezwa nguJesu eTestamendeni elisha – kanti lokuphisana kwembhalo kuyaphazamisa kunoma ngubani ozama ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu enguNkulunkulu wothando.

Ozokuthola kulewebhusayithi kungumphumela wokuphenya okwathatha iminyaka engu-16 yokufisa ukufunda ngoNkulunkulu nokuthi ungubani kahle-hle. Ingcwadi ngayinye iveza isifundo esiseBhayibhelini ngokucophelele ngesihloko ngasinye. Siyathemba ukuba lesayithi izobayisibusiso kuwe njengalokhu iyisibusiso nakithi. Kunenkululeko nentokozo engaka ekwazini ngaphandle kokungabaza ukuthi, nembala uNkulunkulu wethu unguNkulunkulu wothando, nokuthi sithandiwe nguye ngothando olujulileyo.

Uma umusha kulesayithi, sivumele senze isiphakamiso sokuba ufunde lezingcwadi ngalokulandelana kwazo:

Izimpi zemvelaphi: emhlabeni lapho izigidi zabantu zihlushwa yimizwa yokucindezeleka, lapho izinkulungwane zikhathele ngokuzama ukubonakala sengathi "konke kuhamba kahle," bebonakala kahle ukwenzela bemukeleke; kanti izinkulungwane zabantu ziyazinikela ekucindezelekeni okubangelwe yimizwa yokungabi yinto yalutho, uNkulunkulu ufisa ukusinikeza isiqiniseko sokuthi sithandiwe futhi sinenani elingenakubalwa. Lengcwadi ichaza "Izimpi zemvelaphi" yethu – kusukela emizweni yokungabi yinto yalutho, kuze kube sekwamukelweni okunokuthula kwenani lethu olwangempela - isiqinisekiso esiguqula impilo yomuntu - esisinikwa nguNkulunkulu ngayo iNdodana yakhe.

Izenzo zikaNkulunkulu wethu Omnene : Isingeniso esihle esimilweni sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akasebenzisi ubudlwangudlwangu noma amandla. Umnene futhi unomusa. Thatha nabu ubufakazi beBhayibheli ngoNkulunkulu oluthando.

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu: Ekuqaleni uNkulunkulu wamisa umkhathi ngendlela ethile ukuqinisekisa ukusondelana nokwazana kwabantwana bakhe abadalile. Funda ngobuhlakani bukaNkulunkulu ngokuthi waqala kanjani nokuthi kungani waqala kanjalo.

Agape: UJesu watshela umfundi wakhe uFilipu ukuthi uBaba osezulwini wayefuna naye nqo! ngesimilo. Lengcwadi iveza indlela lamazwi akaJesu iqiniso, sekubukwa bonke ubudlwangudlwangu obuvela embhalweni kakhulukazi eTestamendeni elidala. Lena iyisiphetho esiphelele seZenzo zikaNkulunkulu wethu Omnene.

IPhethini kuNkulunkulu Yokuphila : Ubudlelwano bukaNkulunkulu uBaba neNdodana yakhe, uJesu Krestu njengalokhu iveziwe kwabaseKorinte bokuqala 8:6 iyisixazululinkinga sokuqonda amaqiniso abaluleke kakhulu eBhayibhelini. Bulula lobudlelwano kodwa "buyindlela" yokuthola ukuqonda hhayi ezinye izifundo eBhayibhelini kuphela kodwa nobunye ubudlelwano obuningi obuqhubekayo sisaselapha emhlabeni.