ubabawothando.com
Umbhali Adrian Ebens
shicilelwe UNhla 27, 2021
110
Inani lokulandiwe 439

Izigidi zabantu zibhekene nokucindezeleka nsuku zonke. Isizathu sokuthi ziqhubekele phambili siba nzima nokuthi sibonwe, kanti ingi lifuna indlela yokuphuma. Imphumela emibi yokungabi yinto yalutho ivela ekuzihloleni kwethu ukuthi asikwazi ukwenza into ethile, noma ukuthi asamukelekile ebantwini abathile, nokuthi asiyinto yalutho. Izincwadi eziningi zokusiza abantu zizama ukubhekana nalokhu ngokuthi zikhuthaze ukuthi abantu bezithande, bezithengele izipho ezinhle, futhi bezitshele nokuthi babalulekile.


Lendlela yokubhekana nalesimo ayiqapheli isidingo esibaluleke kakhulu esabantu, isidingo sesibusiso; Umuntu ongumzali noma ongumeluleki okhuluma amazwi esibusiso empilweni yakho. Ayikho into engathatha isikhundla sokutshelwa ngumuntu omhloniphayo nomthandayo
ukuthi uthandekile futhi wamukelekile. UBaba wethu oseZulwini ufuna ukusitshela lokhu usuku nosuku kodwa uSathane uphuphuthekisile iningi emhlabeni ukwenzela lifune ukubaluleka kwezinye izindawo, abaningi bayizithulu abezwa lesosibusiso esihle esivela kuBaba – esithi "ungumntwana wami othandekayo."